Chofoza lapha ukuze ubone ezinye izihloko ngesiZulu

Izincwadi zika-Flip, Flippie Nabangani uchungechunge lwezincwadi ezinezithombe zabantwana abasebancane ezizothokozisa ziphinde zifundise izingane zaseNingizimu Afrika. Lezi zincwadi zenzelwe ukuthathekisa izingqondo zezingane kusetshenziswa imicabango nezinto ezijabulisayo kodwa kube kuhambisana nokufunda ngesikhathi esisodwa. Izingane zifunda ngokuphindaphinda okwenziwayo, intshisekelo kanye nokuzibandakanya. Uchungechunge lolu lwezincwadi luhlanganisa yonke leyo migomo yokufunda futhi luyizintandokazi kwabasebenza emitapweni yolwazi, abafundisayo kanye nakubazali.

1-2-3 noFlip, Flippie Nabangani

1-2-3 noFlip, uFlippie Nabangani

Kule ncwadi ethi 1-2-3 u-Flip uhambisa u-Flippie Nabangani ohambweni oluthathekisayo lokubala, lapho abanye abangani abaningi abakhethekile bezibandakanya kulo mdlalo wokubala.

Imimo Nemibala noFlip, Flippie Nabangani

Imimo Nemibala noFlip, uFlippie Nabangani

Kule ncwadi ethi Imimo Nemibala u-Flip uxoxa izindatshana ezimnandi endabeni ebandakanya abanye, wethulela u-Flippie Nabangani kumimo nemibala, abakwazi ukuyibona ezimpilweni zabo zansukuzonke.

Izikhathi Zonyaka noFlip, Flippie Nabangani

Izikhathi Zonyaka noFlip, uFlippie Nabangani

Kule ncwadi ethi Izikhathi Zonyaka u-Flip uchaza ngobuhle nentokozo yezikhathi ezine zonyaka ngenkathi ebafundisa amagama ezinyanga eziyishumi nambili zonyaka.

Amagama Aphikisanayo noFlip, Flippie Nabangani

Amagama Aphikisanayo noFlip, uFlippie Nabangani

Kule ncwadi ethi Amagama Aphikisanayo u-Flip udlala omunye umdlalo noFlippie Nabangani ebakhuthaza ukuba bathole amagama aphikisanayo ahambisanayo.

Isikhathi noFlip, uFlippie Nabangani

UFlip ufundisa uFlippie Nabangani umqondo wesikhathi ngokubabonisa izinto ezenziwa ekuhambeni kosuku.

Hlala Unempilo noFlip, uFlippie Nabangani

UFlip ufundisa uFlippie Nabangani okufanele bakwenze ukuze bahlale benempilo.

Amanzi noFlip, uFlippie Nabangani

Isihloko esithi aManzi sifundisa izingane mayelana nokubaluleka kwawo empilweni yethu, ukuthi kungani siwadinga, nokuthi singawalondoloza kanjani.

Imizwa noFlip, uFlippie Nabangani

UFlip ucubungula isihloko seMizwa yethu ekanye noFlippie nabangani bakhe, ubasiza ukuyibiza ngamagama ayo imizwa aphinde abafundise indlela yokwabelana ngayo.

Ezilandelayo:

Izinto ezihambayo noFlip, uFlippie Nabangani.

Izici eziqavile zalolu chungechunge zibandakanya:

  • Ukugqama Nokubukeka Kwezincwadi
  • Kubhekiswe ezinganeni ezineminyaka ethile yobudala (iminyaka emi-4 kuya kweyisi-7)
  • Okuqukethwe kwenza abafundi baphendule
  • Lusiza nangolimi kanye nokukhuthaza ukucabanga
  • Izilimi ezahlukahlukene zingasetshenziselwa ukufunda ulimi lwesibili nolwesithathu ngendlela engesabeki

Qaphela: Lezi zincwadi zingasebenzisa ulimi lwesigodi olungase lwehluke kancane kulolo lwabanye abafundi.